Isiqondiso kumsebenzisi

Table Of Contents
Ulwazi Lwezobuchwepheshe
Amaphutha
Umshini wezibalo uzokhombisa umlayezo wephutha noma nini lapho
iphutha livela nganoma yisiphi isizathu ngesikhathi ubala.
Cindezela u- noma u- ukuze ubuyele esikrinini sokubala. I-khesa
izobekwa endaweni lapho kwenzeka khona iphutha, ilungele
ukungenisa ukwaziswa okungafakwa. Lungisa okulungisekayo
esibalweni sakho bese uyasenza futhi.
Cindezela u ukuze ubuyele esikrinini sokubala. Qaphela ukuthi
nalokhu kuyasisula isibalo ebesiqukuthe iphutha.
Imilayezo Y
ephutha
Math ERROR
Imbangela:
Imiphumela ephakathi nendawo nephelele yesibalo osenzayo iyazedlula
izinombolo ezivunyelwe.
Ukwaziswa okufakile kudlula ibanga longakufaka elivumelekile.
Isibalo osenzayo siqukethe ukusebenza okungavumelekile kwizibalo
(njengokuhlukanisa ngo-zero).
Isenzo:
Hlola amanani wongakufaka bese unciphisa inani lezinombolo.
Uma usebenzisa isigcina-lwazi esizimele noma inombolo
eguquguqukayo njengeyingxabano yomsebenzi, qiniseka ukuthi
isigcina-lwazi noma inani eliguquguqukayo lingaphakathi kwebanga
elivunyelwe lo msebenzi.
Stack ERROR
Imbangela:
Isibalo osenzayo sibangele ukuthi umthamo wesitaki sezinombolo noma
isitaki semiyalo ukuba udlulelwe.
Isenzo:
Nciphisa inkulumo yesibalo.
Zama ukuhlukanisa isibalo sibe izingxenye ezimbili noma ngaphezulu.
Syntax ERROR
Imbangela:
Kunenkinga kwindlela esimi ngaso isibalo osenzayo.
Isenzo:
Yenza ukulungisa okudingekayo.
45